uMnuz Eric Mhlongo Abaphume umkhankaso wokuyisa igalofu kwabamnyama ecija abafundi kwesinye isithombe kubonakala abafundi bezama lomdlalo wegalofu njengoba kuhlwaywa izihlabani zakusasa
USUQALA ukubanabela nasezikoleni umkhankaso wokuvundululwa kwamakhono emidlalweni wegalofu ukuze kuphume izinsephe zakusasa kulomdlalo.



Ngokusho kukaMnuz Eric Mhlongo omunye wamavulandlela abamnyama kulolu hlobo lomdlalo inhloso yabo ukukhombisa ukuthi kuningi intsha engakuhlomula ngalomdlalo yize isikhathi esining ubukelwa kude, uthathwa ngokuthi owekhethelo labathile.
Uthe njengoba nje beqalile sekunabafundi bezikole ezahlukene abathola ukucijwa ngalomdlalo odume kakhulu ngokukhiqiza esinye sezihlabani emhlabeni jikelele, uTiger Woods.
UMnuz Mhlongo lokhu ukwenza ngaphansi kwesikhungo, iSA Academy esiphume umkhankaso wokufundisa nokuvundulula amathalente ezihlabani zakusasa okungangabazeki ukuthi zizotholakala futhi zibeke izindawo zangakubo ebalazweni.
UMnuz Mhlongo ubuye abe ngumdlali kwiSouth African Sunshine Senior Tour futhi usesikhundleni sokuba ngumqondisi enhlanganweni. Lokhu kumenza abe ngumqondisi wokuqala omnyama kulesi sifundazwe. I-SA Academy imi njengesibani sokuzinikela, ubungcweti, kanye nothando lwangempela lwalo mdlalo okuwumbono nenkolelo kaMnuz Mhlongo.


Ngokusho Kwakhe injongo enkulu nephupho labo ukufundisa igalofu ezindaweni zabantu abansundu okuyisemalokishini, emakhaya.
“Kodwa asikwazi ukwenza lomsebenzi ngaphandle kwabaxhasi. Siyanxusa futhi siyacela kulabo abangafisa ukusiza kuloluhambo lwethu bangasithinta kulenombolo ethi , 0633995372,” Kusho uMnuz Mhlongo.
UMnuz Mhlongo akasiye umafikizolo kulomdlalo ngoba uhambo lwakhe luveza ukuthi waqala ukuzihlanganisa nawo esemncane eneminyaka engu-15 ubudala.
Ngokuthanda kwakhe lo mdlalo, waqala uhambo lwakhe lwempilo yakhe yonke lokucija ikhono lakhe efundisa ngegalofu, ecobelela ngolwazi lwakhe olunzulu nezizukulwane ezizayo. Ukuzinikela nokusebenza kanzima kuvule indlela yempumelelo emangalisayo enkundleni yegalofu.
Lesi sikhungo siqeqesha abntu bayo yonke iminyaka yobudala. Ngeminye imininingwane ungavakashela ku-Website ethi sagolfacademyandtraining.co.za ukuze uthole kabanzi
“Source Ethekwini Times 31 July 2024, UMlazi Times 07 August 2024”




